Friday, March 29, 2024

Latest Spells

IMITHI YOTHANDO SEBENZA NGEMPELA

IMITHI YOTHANDO SEBENZA NGEMPELA

UBHEKAMINANGEDWA



Yiwona ke lomuthi ofunwa yiwo wonke umuntu wesifazane nowesilisa ohlala kuleli. Uthando akuyona into etholakala kalula kanti futhi akuyona into ongaphila kalula ngaphandle kwayo. Ubhekaminangedwa omunye wemithi enohlonze nesebenzayo yesizulu noma ngizothi yesintu. Mina ngokwami ukwazi noma ngokwami ukucabanga, lomuthi ufanele abantu besifazane. Nakuba nabantu besilisa sebewusebenzisa kodwa umthetho wakhona kumele engabe usetshenziswa abantu besifazane. Silula nje isizathu salokho. IMITHI YOTHANDO SEBENZA NGEMPELA

Esikhathini esiningi, abantu besilisa ababa wuhlupho ebudlelwaneni noma ngingathi othandweni. Ibona abajola kakhulu kunabantu besifazane lokhu esikubiza ngokuthi phecelezi i-cheating. Ubhekaminangedwa wona usiza kuphi na? Lomuthi unceda wena ukuthi ukwazi ukugcina umuntu wakho engowakho nje kwaphela. Ngalomuthi ungaba naso isiqiniseko sokuthi uthando lwenu aluphazamiseki. Ukungaphazamiseki kothando lwenu kusho ukuthi ungakwazi ukuhlala nendoda noma nonkosikazi wakho engekho umnakwenu ozokubangela inkathazo. Phela ayikho into enyinkinga njengokuba nomnakwenu.

Umnakwenu lo engakubulala nokukubulala. Ngezizathu eziningi ezingabangela lokho. Kungagcini nje lapho, engakuthakatha ngisho nokukuthakatha. Engani phela kunenkunzimalanga yomuthi obizwa ngesichitho. Yiwo kanye-ke lomuthi ohlukanisa abantu. Yiwo kanye lomuthi oqeda imizwa owawunayo noma onayo ngomuntu wakho. Pho ubanike ofuna ukuthathelwa isithandwa senhliziyo yakhe. Musake nawe ukuvuma ukuthathelwa isithandwa senhliziyo yakho. Zitholele ubhekaminangedwa wakho ngokushesha.

Lomuthi wawusetshenziswa nakudala. Sisodwa ke nje isizathu esasidala ukuthi lomuthi usetshenziswe. Ingenxa yesithembu. Phela isithembu ilapho khona umuntu wesilisa oyedwa eseganwe abantu besifazane ababili kuya phezulu. Wawuye uhlale uzwa kuthiwa nje umasibanibani uyintandokazi engani kwakusukela khona la. Ucabanga ukuthi kuyadlalwa wena, yayidliswa ngisho ukudliswa indoda. Uyobona ngendoda isiyisiyoyoyo nje isidlala umfazi kusukela la. Kodwa-ke ubhekaminangedwa akuwona owokwenza lokho kodwa owokwenza umuntu omuthandayo athande wena kuphela..

SEBENZISA LELIFOMU UKUZE UZICELELE UBHEKAMINANGEDWA WAKHO

    Your Name (required)

    Phone # (required)

    Your Country (required)

    Your Email (required)

    Subject

    Your Message

    Your Spells

    About Author

    Latest Posts

    Popular Spells

    × chat with me